Izimfihlakalo Zezulu #6628

By Emanuel Swedenborg

Study this Passage

  
/ 10837  
  

6628. Sekukhonjisiwe ezindaweni ezahlukene ngezincazelo esezethuliwe ukuthi izimfundiso ezimayelana nesisa senhliziyo kwakuyizimfundiso ezisemqoka eSontweni laseMandulo, nokuthi lezozimfundiso zazifundiswa kuwowonke amaSonto angaleyonkathi, okwakwenza onke lawomaSonto abe yiSonto elilodwa. Ngokuba onke amalunga eSonto laseMandulo ayemukela abantu abaphila impilo yokulunga neyesisa senhliziyo njengabantu beSonto; namalunga alelo Sonto ayebiza abantu bangaphandle kweSonto abaphila impilo yokulunga neyesisa senhliziyo ngabafowabo, yize behlukene kangakanani ngokuqonda iqiniso, okubizwa namuhla ngokwahlukana kwenkolo. Abantu babetshelana ngalawo maqiniso, nalokhu kwakungolunye usizo lwabo lwesisa senhliziyo. Futhi babengacasuki uma omunye umuntu engavumelani nombono womunye. Babazi ukuthi bonke abantu bavuma iqiniso kangangebanga bebuswa wukulunga.

  
/ 10837