Izimfihlakalo Zezulu #6626

By Emanuel Swedenborg

Study this Passage

  
/ 10837  
  

6626. Ake ngilande ngezinye izinto ezimangalisayo. YiNkosi kuphela uMuntu; kungenxa yaloMuntu ukuba izingelosi, imimoya, nabahlala emhlabeni wemvelo babizwe ngabantu. Ngomngenela weNkosi ongena ezulwini yenza ukuba lonke izulu lifanekise futhi lifane nomuntu; nangesu lomngenela waYo ngesu noma ngomgudu ojikelezelayo wezulu nangendlela eqonda ngqo noma engajikeleziyo ephuma kuYo yenza ukuba yonke imimoya ibukeke njengabantu, yenza izingelosi zibe zinhle futhi zicwazimule ngendlela engakhulumekiyo. Nabantu ibenza babe bahle ngokungena emimoyeni yabo. Imbala engilosini, kumumoya noma kumuntu ophila impilo yesisa senhliziyo esiqondiswe kumakhelwane nempilo yothando lokuthanda iNkosi, zonke izinhlangothi zomcabango wabo, ngisho zingabancane kangakanani, zifana nomuntu, nesizathu salokhu wukuthi isisa senhliziyo nothando lokuthanda iNkosi kuphuma eNkosini, nakhokonke okuphuma eNkosini kunesimo somuntu. Lezizici zomuntu — isisa senhliziyo nothando lokuthanda iNkosi — yizona ezenza umuntu abe ngumuntu. Kepha okuphambene kwenzeka esihogweni ngoba imimoya esesihogweni iqhutshwa yizinto eziphambene nesisa senhliziyo kanye nothando lokuthanda iNkosi. Ngokuba imbala imimoya yasesihogweni ibukeka njengabantu ngokukhanya kwayo, kepha ngokukhanya kwasezulwini ibukeka njengezinunu ezesabekayo, nakweminye imimoya akukho nokuncane okufana nokomuntu kuyo. Isizathu salokhu wukuthi umngenela weNkosi ongena ngomgudu wezulu kawemukelwa yile mimoya kodwa uyaliwa, noma ucinywe, noma uhlanekezelwe, okuyizinto ezenza ukuba ibukeke njengemihuneba. Nezinhlangothi zomcabango wayo, okungukuthi zemiqondo yayo, zibukeka njengemihuneba, ngisho zingaba zincane kangakanani. Ngokuba into umuntu ayiyo ephelele uyiyo nangezingxenye zakhe, njengoba umdumbu nezingxenye zawo kuyizinto ezinesici esifanayo. Isakheko noma isimo semihuneba siyisimo futhi sesihogo sazo. Ngokuba zonke izihogo zinezimo zazo, nalezozimo zibukeka njengezinunu ngokukhanya kwasezulwini; futhi ukuthi inunu iphuma kusiphi isihogo kubonakala ngesimo noma ngesakheko sayo. Ngiyibonile lemimoya ibuthene emasangweni esihogo avulekela emhlabeni wemimoya, lapho yayibukeka njengazozonke izinhlobo zezinunu. Ukuthi amasango esihogo avulekele emhlabeni wemimoya, kungabonwa enombolweni 5852.

  
/ 10837