6629. Njengobake isimilo sabantu beSonto laseMandulo sasiyiloluhlobo, ngakhoke impilo yabo yayisezingeni elingaphakathi; nangokuba kulelozinga babenenhlakanipho kakhulu. Ngokuba abantu ababuswa wukulunga kothando nesisa senhliziyo basezulwini ngengaphakathi labo noma ngomuntu wabo ongaphakathi, futhi basemiphakathini yasezulwini ebuswa wukulunga okufana nokwabo.Ngakhoke imiqondo yabo yenyuselwa ezintweni ezisezingeni langaphakathi, nangalokho bazuza inhlakanipho. Inhlakanipho kayiphumi kwenye indawo ngaphandle kwasezulwini, okungukuthi, ngaphandle kokuphuma eNkosini ngomgudu noma ngesu lezulu; nenhlakanipho isezulwini ngoba abasezulwini babuswa wukulunga.


