Izimfihlakalo Zezulu #6625

작가: 엠마누엘 스베덴보리

해당 구절 연구하기

  
/ 10837  
  

6625. Ngakhokonke lokhu sekungabonakala ukuthi siyini isimilo salabo abaphila impilo yenkohlakalo, nangalokho bacabange ububi, okungukuthi, emiqondweni yabo kugcwele lonke uhlobo lwenzondo, ukuphindisa, umona, inkohliso, ukuphinga, ukuqholosha, ukuziphatha kahle kwangaphandle ewukuzenzisa ukwethembeka, isisa esiwukuzenzisa ububele, ukuzenzisa ukuba wumngane ngenhloso yokuzuza isikhundla esiphakeme nengcebo, okuyinto engeyona ubungane ngaphandle kokuba yinkohlakalo nokungcola okungakhulumekiyo. Okunye, imiqondo yaloluhlobo lwabantu ixube nemiqondo esuselwe emfundisweni yeSonto malungana nenkolo, imiqondo eyesekela izingqoyi, nangaphandle kwalokhu bagodla ufudu lokungakholwa nolokuhleka usulu. Loluhlobo lwenkohlakalo nobubi kusemiqondweni yabantu abaphila impilo ekhohlakele, okwenza ukuba bacabange ngendlela yobubi. Njengoba lobububi busemiqondweni yabo, lapho bengena empilweni yangemuva kokufa, nakanjani bayahlukaniswa nezulu futhi babekwe kude nalo, lapho lolohlobo lobubi luhlonishwa khona.

  
/ 10837