6624. Njengobake ukucabanga komuntu kusezingeni lezinzwa zakhe zomzimba, noma kususelwa emiqondweni yezinzwa zakhe zomzimba, ngakhoke lezizinto zilufifi kuye; imbala lezizinto zilufifi kuye kangangokuba akazi ukuthi umqondo uyini, ikakhulu ukuthi umcabango wakhiwe ngemiqondo eyahlukahlukene, njengenkulumo eyakhiwe ngamazwi ahlukahlukene. Ngokuba kumuntu umcabango ubonakala njengento engahlukahlukanisiwe noma engumqhumo; kepha empeleni imiqondo yomcabango ingamazwi asetshenziswa yimimoya, nemiqondo yomcabango ongaphakathi ingamazwi asetshenziswa yizingelosi. Nangenxa yokuthi imiqondo ingamazwi asetshenziswa yimimoya nezingelosi, leyomiqondo iwulimi oluzwakalayo emimoyeni nasezingelosini. Lokhu kuyincazelo yokuthi kungani imimoya nezingelosi bakwazi ukuzwa imicabango yomuntu yize engayikhulumi, okuyinto eyenzeka ngokuthanda kweNkosi. Ukuthi ulimi oluyimiqondo luphelele kangakanani lapho luqhathaniswa nolimi noma namazwi enkulumo kubonakala ngokuthi umuntu angacabanga okuningi kakhulu ngeminithi elilodwa kunangakungakukhuluma noma angakubhala ngehora. Isimo solimi oluyimiqondo ngisibone ngezikhathi ngixoxa nemimoya kanye nezingelosi; ngokuba ngalezozikhathi bengikwazi ukugcwalisa isihloko kabanzi ngemininingwane, nalokho bengikwenza ngenkanuko yokukwenza. Izingelosi nemimoya bebeqonda yonke leyomininingwane, neminye imininingwane eminingi ebonakala ingunge isihloko njengefu.


