Izimfihlakalo Zezulu #4955

Ngu Emanuel Swedenborg

Funda lesi Sigaba

  
Yiya esigabeni / 10837  
  

4955. Ukuthi lamazwi afanekisani engqondweni engaphakathi kuzochacha kokulandelayo. Nokho kumele kuqalwe ngokwazi ukuthi isihawu noma imisebenzi ebalwe kulempinda iwuqobo lwemisebenzi yesisa senhliziyo ngokuhleleka kwayo. Umuntu ongayazi ingqondo engaphakathi yezwi, okungukuthi, umuntu ongazi ukuthi kufanekiswani ngokupha abalambileyo ukudla, ngokuphuzisa abomileyo, ngokungenisa abafokazi, ngokwembathisa abanqunu, ngokuhambela abagulayo, nangokuza kwabasetilongweni. Umuntu ocabanga ngalezizenzo ngokusukela engqondweni engaphandle yodwa uqonda ukuthi ngazo kufanekiswa imisebenzi emihle yangaphandle, nokuthi kakukho lutho olunye olufihlakele ngayo. Nokho iqiniso elimsulwa wukuthi kuleso nalesosenzo kucashe okoBunkulunkulu, ngenxa yokuthi kuphuma eNkosini. Kepha namuhla kakuqondakali okuyimfihlakalo kulamazwi ngoba namuhla kazisekho izimfundiso ezifundisa isisa senhliziyo; ngokuba selokhu umuntu wahlukanisa isisa senhliziyo enkolweni, izimfundiso zesisa senhliziyo kazisekho, nasesikhundleni zazo kusungulwe futhi kwamukelwa izimfundiso zenkolo yodwa, ezingafundisi nakancane ukuthi isisa senhliziyo siyini nokuthi umakhelwane ungubani. Izimfundiso zeSonto labantu basemandulo zazifundisa zonke izinhlobo nezinhlotshana zesisa senhliziyo, nokuthi umakhelwane okumele kuqondiswe kuye isisa senhliziyo ungubani, nokuthi kuyini ukuba ngumakhelwane ngelinye izinga, nangokwahlukile, kanjalo nokuthi sahlukahlukene kanjani isisa senhliziyo esiqondiswe kubantu abehlukene. Futhi abantu baleloSonto babehlukanisa omakhelwane ngezigaba, baqambe lezozigaba amagama, njengabampofu, abasweleyo, abalusizi, nabahluphekayo; abanye babaqambe ngezimpumputhe, ngezigoga, ngezinquge, ngezintandane, nangabafelokazi; abanye babaqambe ngabalambileyo, abomileyo, abafokazi, abanqunu, abagulayo, abasetilongweni, njalonjalo. Ngalendlela babenolwazi lokuthi luhloboluni lwesisa senhliziyo okumele luqondiswe kuleso nalesosigaba noma kulolo nalolohlobo lukamakhelwane. Kepha nokho njengoba sekuphawuliwe ngaphambili, lezozimfundiso zesisa senhliziyo kazisekho, nokuphela kwazo kwakuhambisana nokuphela kokuqonda izwi, kangangokuba namuhla nga “bampofu”, “abafelokazi”, “izintandane” ezwini kakuqondwa lutho olunye ngaphandle kwabantu abakulesosimo ngokwasemhlabeni wemvelo. Ngokufanayo nga “balambileyo”, “abomileyo”, “abafokazi”, “abanqunu”, “abagulayo”, nanga “basetilongweni” kuqondwa abakulesisimo ngokwasemhlabeni wemvelo, ekubeni iqiniso elimsulwa kungukuthi leziziphawulo zichaza ingqikithi yesisa senhliziyo, nokuthi kumele siqondiswe kanjani ezinhlotsheni zabantu abanezimilo ezahlukene.

  
Yiya esigabeni / 10837