Izimfihlakalo Zezulu #4956

Ngu Emanuel Swedenborg

Funda lesi Sigaba

  
Yiya esigabeni / 10837  
  

4956. Ingqikithi yesisa senhliziyo esiqondiswe kumakhelwane yinkanuko yokukhanukela ukulunga neqiniso, kanye nokuvuma komuntu ukuthi iyena lakhe lingububi namanga. Imbala, umakhelwane wuqobo lokulunga neqiniso, nokuqhutshwa wukulunga neqiniso kungukuba nesisa senhliziyo. Okuphambene nomakhelwane wububi namanga okwenyanywa wumuntu onesisa senhliziyo. Ngakhoke umuntu onesisa senhliziyo esiqondiswe kumakhelwane yilowomuntu oqhutshwa wukulunga neqiniso ngenxa yokuthi kokubili kuvela eNkosini, futhi owenyanya ububi namanga ngenxa yokuthi kokubili kuvela eyeneni lakhe; nalapho enyanya ububi namanga usuke esekuthotshisweni okuphuma ekuvumeni ububi namanga kweyena lakhe, nalapho ekulokho kuthotshiswa usuke esesimweni sokwamukela ukulunga neqiniso okuvela eNkosini. Yilezizici zesisa senhliziyo ezichazwa ngamazwi eNkosi engqondweni engaphakathi lapho ithi “Ngangilambile, nangipha ukudla; ngangomile, nangiphuzisa; ngangiwumfokazi, nangingenisa; nganginqunu, nangembathisa; ngangigula, nangihamba; ngangisetilongweni, neza kiMi”. Ukuthi ngalamazwi kugudliswa izimo zengqikithi yesisa senhliziyo kakho ongaba nolwazi lwakho ngaphandle kokukwazi ngesu lengqondo engaphakathi. Abantu basemandulo, ababenezimfundiso ezimayelana nesisa senhliziyo, babenalo lolulwazi; kepha namuhla lolulwazi selulahleke kangangokuba abantu bangamangala lapho kuthiwa lolulwazi lwaluqukethwe kulezozimfundiso zabo. Okunye, izingelosi ezihaqe umuntu kaziwaqondi lamazwi ngenye indlela ngaphandle kokuwaqonda ngengqondo engaphakathi, yokuthi akhuluma ngezimo zengqikithi yesisa senhliziyo, ngokuba nga “balambileyo” ziqonda abantu abakhanukela ukulunga ngokusukela enkanukweni yokukhanukela ukulunga; nga “bomileyo” ziqonda abantu abakhanukela iqiniso ngokusukela enkanukweni yokukhanukela iqiniso; nga “bafokazi” ziqonda abantu abanesifiso sokufundiswa; nga “banqunu” ziqonda abantu abavuma ukuthi kakukho lutho oluwukulunga nokuyiqiniso kubo; nga “bagulayo” ziqonda abantu abavuma ukuthi kakukho lutho kubo ngaphandle kobubi; nga “basetilongweni” ziqonda abantu abavuma ukuthi kakukho lutho kubo ngaphandle kwamanga. Uma zonke lezizinto eziqondwa yizingelosi ngalamazwi ziqoqelwa ndawonye, kazifanekisi lutho olunye ngaphandle kwengqikithi yisisa senhliziyo.

  
Yiya esigabeni / 10837